I-AfriForum ne-Indonsa Yesizwe ibungaza Ukukhothama kweSilo uDinuzulu kaCetshwayo eminyakeni eyi-110 eyedlule

I-AfriForum kanye nezingcithabuchopho zoBukhosi bakwaZulu Indonsa Yesizwe babungaze Ifamlando wleSilo uDinuzulu kaCetshwayo ngokuhlanganyela ekuhlanzekiseni ithuna lapho bonke abomndeni ngqo bafihlwa khona. Abasebenzi baKwaZulu-Natal Museum kanye neKwaZulu-Natal Archives nabo babambe iqhaza kule phrojekthi epulazini i-Rietfontein, esifundeni saseMiddelburg, esiseMpumalanga. Eminyakeni eyi-110 gqo, mhlaziyi-18 kuMfumfu 1913, Isilo uDinuzulu saphefumula okokugcina kuleli pulazi.

Iziphathimandla ze-Natal Colony zathumba Isilo uDinuzulu emva kwe-Poll Tax Revolt (ephinde yaziwe ngeBambata Rebellion) yangonyaka we-1906. Ngesikhathi kusungulwa i-Union of South Africa ngonyaka we-1910, Isilo uDinuzulu sakhululwa ejele eliseNewcastle sadedelwa ukuba sihlale epulazini i-Rietfontein. UNdunankulu we-Union, ujenerali uLouis Botha, wabamba iqhaza elikhulu ekukhululweni kwesilo. UBotha wayesijwayele isilo, njengoba uBotha, eseyibhungu, wayeyilungu le-Commandant Lucas Meijer eleseka Isilo uDinuzulu ukuba sinqobe uMandlakazi, okwakuyimbangi kaZulu, ku-Battle of Ghost Mountain (eTshaneni) ngowe-1884.

“Umcimbi wayizolo (18 kuMfumfu)ube wuphawu lombungazo obaluleke kakhulu lokuvuselela ubuhlobo obabukade baba khona phakathi kwalezi zizwe zamaBhunu namaZulu. Lobu buhlobo baqiniswa ngowe-1840 yiSilo uMpande owamema amaBhunu ukuba amsize ekuvuseleleni uBukhosi bakwaZulu emva kokubusa kweSilo uDingane. Eminyakeni elandelayo amaBhunu ebedlala indima efanayo esiza Isilo uDinizulu ezimpini ayezilwa eziningi eminyakeni yangezi-1880. Isu lokuqala lokuhlanganyela phakathi kwe-Afriforum ne-Indonsa Yesizwe, amathuna abantwana beSilo uDinuzulu ahlanzekisiwe. Impela kube usuku lokubuyisana,” kusho uSlwz Musa Xulu, uMsunguli we-Indonsa Yesizwe.

“Ubuhlobo obuhle phakathi kwemiphakathi yamasiko eyisisekelo sokubuyisana nenhlonipho kusemqoka ukuqinisekisa inkululeko, ukuphepha, nekusasa eliqhakazile lezingane zayo yonke imiphakathi yamasiko eningizimu ne-Afrika. Kunezibonelo eziningi emlandweni zobuhlobo obuhle phakathi kwemiphakathi yamasiko. Kumele sibulalele lobu buhlakani basemandulo, futhi lesi sizukulwane samanje sithathe isinqumo sokuhamba ezinyathelweni zawokhokho bethu ngalokhu. I-AfriForum, ngokwamaphrojekthi okuhlanganyela. afana nalawa, ukwakha ubuxhakaxhaka bemiphakathi yamasiko exhasanayo ekuthungatheni ukuphila ngokugcwele njengemiphakathi yamasiko echosheni eliseningizimu ne-Afrika,” kusho uBarend Uys, inhloko ye-Intercultural Relations and Cooperation e-AfriForum.

Similar Posts